Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:5 - IsiZulu 2020

5 lapho kuthiwa kini: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasezenzweni zenu ezimbi, bese nihlala ezweni uSimakade alinika okhokho benu, kusukela phakade kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:5
20 Referans Kwoze  

ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade.


kuyongena emasangweni alo muzi, amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, begibele ezinqoleni nasemahhashini, bona nezikhulu zabo, nabantu bonke bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, lo muzi uyakuba khona kuze kube phakade.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


“Ngakho-ke yisho manje kubo bonke abakwaJuda nakuzo izakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bhekani, nginibumbela inhlekelele, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ ”


kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.


ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite