Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:4 - IsiZulu 2020

4 USimakade uthumele kini zonke izinceku zakhe, abaphrofethi, ebathumela njalonjalo, kodwa anilalelanga futhi aniyibekanga indlebe ukuba nizwe

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wathuma kini zonke izinceku zakhe, abaprofethi, evuka ekuseni, ebathuma; kodwa anilalelanga, nezindlebe zenu azithambeki ukuzwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:4
24 Referans Kwoze  

“Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”


nilalele amazwi ezinceku zami, abaphrofethi engibathumele kini, ngibathumela ngiphindelela, kodwa nina nangabalalela,


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Ngizomjezisa yena nabozalo lwakhe, nezinceku zakhe, ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, nabakhileyo eJerusalema, nakubantu bakwaJuda yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba abalalelanga.’ ”


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” kusho uSimakade, “engawathumela kubo ngezinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela ngingaphezi; kodwa kanilalelanga,” kusho uSimakade.


Ngakhuluma kuwe kusakuhambela kahle, kepha wathi: ‘Ngeke ngilalele.’ Lokhu kungumkhuba wakho, kwasebusheni bakho; ukuba ungalilaleli izwi lami.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo, yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, bangawalalela amazwi ami.’ ”


Kepha bayakuthi: “Kuyize, siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani kagovane wakhe omubi.”


nakuba bengalalelanga, bengayibekanga indlebe kepha bazenza lukhuni izintamo zabo, abalalelanga, futhi abakwemukelanga ukuqondiswa.


Nani nenze okubi ukwedlula okhokho benu, ngokuba yilowo nalowo ulandela inkani nobubi obusenhliziyweni yakhe, aningilaleli.


“Kepha aningilalelanga, ningicunulile ngemisebenzi yezandla zenu, nazigwaza ngowenu,” kusho uSimakade.


USimakade wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kodwa kabalalelanga.


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’


USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele.


“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite