Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:16 - IsiZulu 2020

16 Ziyakuphuza, zidiyazele, zibe njengezinhlanya ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kuzo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ziyophuza, zinyakaze futhi zihlanye ngenxa yenkemba engiyoyithumela phakathi kwazo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:16
16 Referans Kwoze  

Nawe uyakudakwa, ufihlwe; uyakufuna inqaba yokucashela izitha.


IBhabhele beliyindebe yegolide, esandleni sikaSimakade, eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe seziyahlanya.


Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.”


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


“Uyakubatshela, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisavuka, ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kini.’


Kwalandela futhi enye ingelosi yesibili, ithi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lezinkanuko nobufebe balo.”


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.


“Uyakubatshela leli lizwi, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyakugcwaliswa ngewayini.’ Bayakuthi kuwe: ‘Impela asazi yini ukuthi kungani zonke izimvaba zigcwaliswe ngewayini na?’


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”


“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe yinhlekisa futhi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite