Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:12 - IsiZulu 2020

12 “Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 “Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile, ngiyakuhambela inkosi yaseBabele nalesi sizwe,” usho uJehova, “ngenxa yobubi babo nezwe lamaKaledi, ngilenze incithakalo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:12
26 Referans Kwoze  

ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


IBhabhele, udumo lwemibuso, igugu nokuzigqaja kwamaKhaledi, liyofana neSodoma neGomora lapho uNkulunkulu elichitha.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


“Ngiyolenza libe yifa lezingungumbane namaxhaphozi anomhlanga, ngiyolishanela ngomshanelo wembubhiso,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade.


UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


Ngonyaka okwafika ngawo umkhuzi wempi e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa nalo, walinqoba.


Ngokuba amanzi aseNimrimi ashile, utshani bomile, uhlaza luphelile, akusekho okuluhlaza.


Emihleni yakhe kwenyuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe, ekhonze kuye iminyaka emithathu, wabuye wamhlubuka.


Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:


Ndodakazi yaseBhabhele, wena oyobhujiswa, ubusisiwe oyophindisela kuwe ngezenzo zakho owazenza kithina.


Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


‘Iyakuyiswa eBhabhele, ihlale lapho, kuze kufike usuku engiyoyibuyisa ngalo, bese ngiyikhuphula, ngiyibuyisele kule ndawo,’ kusho uSimakade.” “Bese ngiyibuyisa ngiyilethe kule ndawo.”


Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, aqhubeke nokubhubhisa izizwe, angashiyi namunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite