Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:11 - IsiZulu 2020

11 Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi lonke leli zwe liyoba ihlane kanye nesimangaliso; lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:11
23 Referans Kwoze  

ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


Yayisiphendula ingelosi kaSimakade, yathi: “Simakade Wamabandla, kuyoze kube nini ungalihawukeli iJerusalema nemizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engama-70 na?”


“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na?


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyukuliqeda liphele nya.


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


‘Iyakuyiswa eBhabhele, ihlale lapho, kuze kufike usuku engiyoyibuyisa ngalo, bese ngiyikhuphula, ngiyibuyisele kule ndawo,’ kusho uSimakade.” “Bese ngiyibuyisa ngiyilethe kule ndawo.”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


bese uthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuthumela uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwembele lapha, uyakwendlala ithende lakhe lobukhosi phezu kwawo.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.


Abasele enkembeni yabathumba yabayisa eBhabhele, baba yizinceku zayo nezamadodana ayo, kwaze kwabusa umbuso wamaPheresiya,


Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane, nemizi yalo yonke yayidiliziwe phambi kukaSimakade, naphambi kwentukuthelo yakhe evuthayo.


Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Ngiyakwelula isandla sami ngimelane nabo, izwe ngilenze libe yincithakalo nokuyize ukwedlula ihlane eDibhila, nakuzo zonke izindawo zabo abahlala kuzo. Bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


Akukho nyawo lwamuntu nanselo yasilwane okuyakudabula kulo, futhi aliyukuhlalwa muntu iminyaka engama-40.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite