Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka wokuqala wokubusa kukaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika izwi kuJeremiya maqondana nabo bonke abantu bakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okungumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:1
13 Referans Kwoze  

Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli lizwi kuJeremiya livela kuSimakade, lathi:


Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela.


NgeGibhithe: ngempi kaFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe eyayingasemfuleni iYufrathe eKharikhemishi, eyanqotshwa nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.


Inkosi yaseGibhithe yabeka u-Eliyakimi, umfowabo, waba yinkosi kwaJuda naseJerusalema, yaliguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi. UNekho wamthatha uJehowahazi, umfowabo, wamyisa eGibhithe.


Kwase kukhuphuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wambopha ngamaketango, wamyisa eBhabhele.


Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ngonyaka weshumi wokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari.


Izwi uJeremiya, umphrofethi, alikhuluma kuBharukhi, indodana kaNeriya, ngesikhathi eloba lawa mazwi emqulwini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lithi:


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Kwafika kuJeremiya izwi livela kuSimakade, lithi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ezinsukwini zikaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite