Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 24:5 - IsiZulu 2020

5 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli; Njengalawa makhiwane amahle, kanjalo ngiyakubabona abathunjwa bakwaJuda, engabasusa kule ndawo, babayisa ezweni lamaKaledi, kube kuhle kubo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 24:5
21 Referans Kwoze  

Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.


“Kepha umyeni waphendula, wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’


Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engabathumela ekuthunjweni eBhabhele besuka eJerusalema, uthi:


Kepha manje yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bathunjwa, enganithumela eBhabhele nisuka eJerusalema.


“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”


Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


ukuze bahambe ngokwezimiso zami, bagcine izehlulelo zami, bazenze. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite