Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:9 - IsiZulu 2020

9 Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngabaprofethi. Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami, amathambo onke ami ayathuthumela; nginjengomuntu odakiweyo, njengomuntu owahlulwe yiwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inhliziyo yami yephukile phakathi kwami ngenxa yabaprofethi; onke amathambo ami ayathuthumela; Nginjengomuntu odakiwe futhi njengomuntu onqobile iwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:9
21 Referans Kwoze  

Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Ngakho-ke yizwa lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kodwa kungeyilo iwayini;


Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.


Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho, kodwa kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthekiseni nibe yizimpumputhe; dakwani, kodwa kungengawayini; bhamazelani, kodwa kungengaluphuzo olunamandla!


Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Kwathi lapho seziwezwile wonke amazwi, zabhekana ngokwesaba, kwaba yilowo nalowo oseduze naye, zase zithi kuBharukhi: “Impela siyakuyibikela inkosi lawa mazwi.”


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubaphrofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo, nalokho abangakubonanga!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite