Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:6 - IsiZulu 2020

6 Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:6
50 Referans Kwoze  

Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala livikelekile. Yileli igama eliyakubizwa ngalo, elithi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.’


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.


“ ‘Ngalolo lusuku, yilowo nalowo uyakumema umakhelwane wakhe, phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade.


Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Akuyukuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyukukhuphukela khona; lokho akuyukufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


“Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Incithakalo, incithakalo, ngiyakwenza incithakalo; nalokhu akuyukwenzeka kuze kufike isehlulelo kulowo esimfanele, bese ngimnika sona.” ’


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


“Ngakho-ke ndodana yomuntu, phrofetha, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angithi uyakukwazi lokho ngalolo lusuku, lapho abantu bami u-Israyeli behleli ngokulondeka na?


“Kuyakuba ngamakhubhithi ayizi-18 000 nxazonke. “Igama lomuzi, kusukela ngalolo lusuku, kuyakuthiwa USIMAKADE ULAPHA.”


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


KuseGosheni kuphela, lapho kwakuhlala khona abakwa-Israyeli, esingehlanga khona isichotho.


Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.


Kuyoba khona inkosi eyobusa ngokulunga, nezikhulu zibuse ngobulungiswa.


Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.


USimakade uphakeme, uhlala kweliphezulu, uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite