Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:5 - IsiZulu 2020

5 “Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuvusela uDavide iHlumela elilungileyo, kube yinkosi eyakubusa, ibe nempumelelo, yenze ukwahlulela nokulunga emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:5
49 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.


Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


“ ‘Ake ulalele, Joshuwa, mphristi omkhulu, wena nobambisene nabo abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: niyabona-ke, sengizakuletha inceku yami, uHlumela.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


“Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,


kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


UFiliphu wafumana uNathaniyeli, wathi kuye: “Simtholile lowo uMose aloba ngaye emthethweni, kanye nabaphrofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngiyakuzihlwanyela ngembewu yabantu, nangembewu yezilwane,” kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba siyibonile inkanyezi yakhe empumalanga, ngakho-ke size ukuzokhuleka kuye.”


Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayukususwa yindlala ezweni, azisayukulithwala ihlazo labezizwe.


yebo, lo mvini utshalwe yisandla sakho sokunene, nendodana yakho ozikhulisele yona.


Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Le ndoda yilobeni ukuthi ayinamntwana, indoda engayukuphumelela ngezinsuku zayo. Ngokuba akukho namunye ozalweni lwayo oyophumelela, ahlale esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abuye abuse kwaJuda.”


“Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na?


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


“Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Incithakalo, incithakalo, ngiyakwenza incithakalo; nalokhu akuyukwenzeka kuze kufike isehlulelo kulowo esimfanele, bese ngimnika sona.” ’


Lesi siqinti sendawo siyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami azisayukubacindezela abantu bami, kodwa indlu yakwa-Israyeli ziyakuyinika ngangomumo wezizwe zayo.


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


USimakade uphakeme, uhlala kweliphezulu, uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite