Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:36 - IsiZulu 2020

36 Kepha maningaqhubeki, nithi: ‘Umthwalo kaSimakade,’ ngokuba oyoqhubeka asho njalo, umthwalo kuyoba ngowakhe, ngoba uyobe ephendulele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowo muntu liyakuba yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ningabe nisakhuluma ngomthwalo kaJehova, ngokuba izwi lawo wonke umuntu liyakuba ngumthwalo wakhe; ngoba niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:36
24 Referans Kwoze  

Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa.


IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Uyoklonyeliswa ngani, uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na?


Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda.


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile wonke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yakhe, inkosi yase-Asiriya, ukuzokwedelela ngawo uNkulunkulu ophilayo. USimakade uNkulunkulu wakho athi angawezwa, awasole lawo mazwi, bese kuthi ngenxa yensali, awuzwe umkhuleko wakho.’ ”


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Ngokuba yilowo nalowo muntu uyakuthwala umthwalo wakhe.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


“Wathi kuyo: ‘Ngizakwehlulela ngamazwi akho, wena nceku embi. Ubuwazi kahle ukuthi ngingumuntu olukhuni: ngithatha engingazange ngikubeke, ngivune engingakuhlwanyelanga.


Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa.


Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.


Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle; onolimi oluphambeneyo uwela engozini.


ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya!


Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


Ngalokho uyakusho kanje kumphrofethi, uthi: ‘USimakade ukuphendule wathini?’ nokuthi: ‘USimakade utheni na?’


Abaphrofethi bakho bakutshele imibono engamanga newubuwula, abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho ukuze uphenduke, ungayi ekuthunjweni. Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite