Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:15 - IsiZulu 2020

15 Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla ngabaphrofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubenza badle okubabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi, ngokuba ukuziphatha kabi kusuke kubaphrofethi baseJerusalema, kwasabalala ezweni lonke.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi; Bheka, ngiyabadlisa umhlonyane, ngibaphuzise inyongo; ngokuba kubaprofethi baseJerusalema kwaphuma ububi ezweni lonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:15
12 Referans Kwoze  

“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi.


Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.


Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa.


amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza.


Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni.


Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite