Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:12 - IsiZulu 2020

12 “Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngalokho indlela yabo kubo iyakuba njengezindlela ezibushelelezi ebumnyameni; bayakuxoshwa, bawele kuwo; ngoba ngiyobehlisela inhlekelele, unyaka wokuhanjelwa kwabo,” kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:12
18 Referans Kwoze  

Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.


akuyukuba bikho nsali kubo, ngokuba ngiyakubehlisela inhlekelele abantu base-Anathothi, ngonyaka wokujeziswa kwabo.’ ”


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Indlela yabo mayibe mnyama, ishelele, ingelosi kaSimakade ibahubhe.


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi.


Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi, ubawise babe yincithakalo.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


“Obalekela ukwesaba, uyakuwela emgodini; okhuphuka emgodini, abanjwe wugibe; ngokuba ngiyakwehlisela lezi zinto phezu kwabakwaMowabi, ngonyaka wokujeziswa kwabo,” kusho uSimakade.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite