Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:5
22 Referans Kwoze  

INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”


Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga,


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo,


Ngobani futhi afunga kubo wathi abayukungena ekuphumuleni kwakhe uma kungesibo labo abangamlalelanga na?


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


“Bayakuphendula, bathi: ‘Kungokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo owabakhipha eGibhithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke ubehlisele konke lokhu okubi.’ ”


“Kepha uma ningifulathela, nilahle izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwenu, nihambe niyokhonza abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: uma ningangilaleli, nihambe emthethweni wami engiwumise phambi kwenu,


Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”


Le ndlu ephakeme kangaka, kuyothi bonke abedlula ngakuyo bakhexe imilomo, bathi: ‘Kungani uSimakade enze kanje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite