Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:24 - IsiZulu 2020

24 “Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Kuphila kwami,” usho uJehova, “noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebe yindandatho esandleni sami sokunene, nokho bengiyakukuhluthula khona,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kuphila kwami, usho uJehova, noma uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebeyindandatho yophawu esandleni sami sokunene, bengiyakukukhipha khona;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:24
16 Referans Kwoze  

UZedekiya, indodana kaJosiya, wabusa eyinkosi esikhundleni sikaKhoniya, indodana kaJehoyakimi, owayebekwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba abe yinkosi kwaJuda.


Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.


Amadodana kaJehoyakimi: uJekhoniya, indodana yakhe, noZedekiya, indodana yakhe.


“ ‘Ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘Ngiyakukuthatha, Zerubhabhele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli,’ kusho uSimakade, ‘ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile,’ kusho uSimakade Wamabandla.”


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.


UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku ezilishumi eJerusalema. Wenza okubi phambi kukaSimakade.


Bheka, ngikulobe entendeni yezandla zami, izingange zakho ziphambi kwami njalo.


Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema,


Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite