Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:23 - IsiZulu 2020

23 Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wena owakhileyo eLebanoni, owakha isidleke sakho emisedarini, yeka ukuthi uzakuba lesihawu lapho ubuhlungu bukwehlela, ubuhlungu bobelethayo!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:23
18 Referans Kwoze  

Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.


Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!


Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.


Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, bayoze balivume icala labo, bafune ubuso bami; kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”


Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


Shiyani imizi, nihlale phakathi kwamadwala; nina zakhamuzi zakwaMowabi, yibani njengejuba, elakha isidleke emlonyeni wesiwa.


Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’


Izwi liyezwakala emadulini angamaqwaqwasi, likhala, linxusela abantu bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo, bamkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Wabona amaKheni wedlulisa umbiko wakhe, wathi: “Indawo ohlala kuyo ivikelekile, isidleke sakho sakhelwe edwaleni,


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite