Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:22 - IsiZulu 2020

22 Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngabo bonke ububi bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Umoya uyakuqeda bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziya ekuthunjweni; impela lapho uyakuba namahloni, ube namahloni ngabo bonke ububi bakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:22
24 Referans Kwoze  

“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.


Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Umoya ubasongile ngamaphiko awo, bayakujabha ngemihlatshelo yabo.”


Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”


Abaphristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade na?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaphrofethi baphrofetha ngoBhali, balandela okungenakusiza.


Ngalokho isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyabona-ke, izinceku zami ziyakudla, kodwa nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyokoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kodwa nina niyakujabha;


Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.


Abaphrofethi baphenduke umoya nje, alikho izwi kubo; ngakho-ke makwenziwe kanjalo kubo.”


Akuyimi yini abamcunulayo, kusho uSimakade na? Akusibo yini uqobo, abaze bazithela ngehlazo na?


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushaye njengesitha, ngakuyala njengononya, ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nangenxa yobuningi bezono zakho.


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite