Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:20 - IsiZulu 2020

20 “Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo; phakamisa izwi lakho eBhashani, ukhale use-Abharimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Khuphukela eLebanoni, ukhale; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale use-Abarimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Khuphukela eLebanoni, ubize; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale usemasimini, ngokuba zonke izithandwa zakho zichithiwe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:20
22 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli.


“Ngalokho-ke Oholiba, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho owehlukene nazo, ngizilethe kuwe zivela macala wonke,


Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.


“Ngalokho-ke ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sabase-Asiriya abakhanukelayo.


“Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.


Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Inkosi yaseGibhithe ayibuyanga futhi yaphuma ezweni lakubo, ngoba inkosi yaseBhabhele yayithathe konke okwenkosi yaseGibhithe, kusukela emfuleni eGibhithe kuze kuyofika eYufrathe.


“Khuphukela entabeni i-Abharimi, okuyintaba iNebho kwaMowabi, eqondene neJerikho, ulibuke iKhanani engizakubanika lona abantu bakwa-Israyeli, ukuba libe yifa labo.


Lapho ukhala, iqoqo lezithombe zakho malikusindise phela; nokho umoya uzoziphephula zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa lowo ofuna ukuphephela kimi, uyakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.


Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite