Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:18 - IsiZulu 2020

18 Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: Bangaze bamkhalele bathi: Hawu, mfowethu! noma, O dadewethu! bangase bangabubuli ngaye bathi: “Awu, nkosi! noma: O inkazimulo yakhe!

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:18
17 Referans Kwoze  

“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Wasibeka isidumbu ethuneni lakhe, bamlilela, bathi: “Maye, mfowethu!”


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


“Ngidabukile ngawe mfowethu, Jonathani; wawuyigugu elikhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 lapho eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguZebhida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.


UJehoyakimi walaliswa kokhokho bakhe, uJehoyakini, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Wenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakhe.


kodwa uyofela kuleyo ndawo abamthumbele kuyo; akasayukubuye futhi alibone leli lizwe.”


UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.


“Nakwabendlu yenkosi yakwaJuda, yithi: ‘Yizwani izwi likaSimakade, elithi:


“ ‘Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, uthi: akuyukuba namuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakutshingwa ngaphandle ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite