Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:11 - IsiZulu 2020

11 Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owabusa esikhundleni sikayise uJosiya, owasuka kule ndawo, uthi: akasayikubuyela khona;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:11
10 Referans Kwoze  

UJosiya wazala amadodana amane: izibulo nguJohanani, eyesibili nguJehoyakimi, eyesithathu nguZedekiya, eyesine nguShalumi.


UFaro Nekho wabeka u-Eliyakimi, enye indodana kaJosiya, waba yinkosi esikhundleni sikayise. Wamguqula igama kwaba nguJehoyakimi. Wamsusa uJehowahazi eRibhila wamyisa eGibhithe, waze wakhothamela khona.


UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo.


Kwase kusukuma izinhloko zabakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, uBherekhiya indodana kaMeshilemothi, uJekhizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nalabo ababebuya empini,


UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


Izinceku zikaJosiya zasithatha ngenqola isidumbu sakhe eMegido, zasibuyisela eJerusalema, zasimbela edlinzeni layo. Abantu bezwe base bethatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise.


Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:


Emihleni yokubusa kukaJosiya uFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe, yakhuphukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni iYufrathe. Inkosi uJosiya yakhuphuka ukuyoyihlangabeza; kwaba ukuyibona nje, yayibulala eMegido.


Kepha abayukubuyela ezweni, abalangazelela ukubuyela kulo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite