Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 21:9 - IsiZulu 2020

9 Ozosala kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane; kodwa ozophuma azinikele kumaKhaledi anivimbezeleyo, uyakuphila, aphunyuke nokuphila kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ohlala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; kepha ophumayo, awe phezu kwamaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 21:9
12 Referans Kwoze  

“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, kodwa ozophuma aye kumaKhaledi, uyakuphila; nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”


Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Uyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, njengalokho uSimakade akukhulumile maqondana nesizwe esingayukuyikhonza inkosi yaseBhabhele na?


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, siyikhonze; leso sizwe ngiyakusiyeka ezweni laso, sililime, sihlale kulo, kusho uSimakade.” ’ ”


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Ngakhuluma amazwi afanayo enkosini yakwaJuda, uZedekiya, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBhabhele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.


Usho kanje uSimakade ngalo muzi, uthi: ‘Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBhabhele, iwudle.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite