Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:9 - IsiZulu 2020

9 Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:9
21 Referans Kwoze  

Inhliziyo yami yabila ngaphakathi, kwaphembeka umlilo ngisazindla, ngakuphumisela ngolimi lwami.


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Kuthe uPawula esabalindile e-Athene, umoya wakhe wathinteka kakhulu lapho ebona umuzi ugcwele izithombe.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”


Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.


“Izwi lami alinjengomlilo yini, nanjengesando esiqhekeza idwala na?” kusho uSimakade.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite