Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:8 - IsiZulu 2020

8 Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba kusukela ekukhulumeni kwami ngiyakhala, ngobudlova nokuphanga; ngokuba izwi likaJehova lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi imihla yonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:8
26 Referans Kwoze  

Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu.


Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwenkambu, sithwale ihlazo lakhe.


wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo.


Omunye wezazimthetho wayesephendula, wathi kuye: “Mfundisi, uma ukhuluma kanje phela, uyaseyisa thina.”


abaphrofethi ababephambi kwami nababephambi kwakho kusukela emandulo, baphrofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, inhlekelele, nangobhubhane.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile.


Wasuka lapho wenyukela eBhethele. Esendleleni, kwaphuma abafana emzini, bamgcona, bathi: “Yenyuka mpandla ndini! Yenyuka mpandla ndini!”


Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite