UJeremiya 20:16 - IsiZulu 202016 Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini, Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE16 Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayigumbuqela engazisoli, ezwe ukukhala ekuseni nokumemeza ngesikhathi sasemini, Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202416 Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayichitha, engazisolanga; Gade chapit la |
Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.