Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 20:11 - IsiZulu 2020

11 Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elinamandla; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangahluli; ngokuba abayikuphumelela, ihlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 20:11
25 Referans Kwoze  

Bayokulwa nawe, kodwa abasoze bakwehlula, ngokuba nginawe,” kusho uSimakade, “ukuba ngikophule.”


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


ngiyakunithela ngehlazo namahloni angapheliyo, okungayikulibaleka.”


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Bayakujabha bonke ngothi lwabo, babe namahloni, bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.


Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.


Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.


Wena obenzela umusa abayizinkulungwane, futhi uyaphindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, Wena Nkulunkulu omkhulu noyiqhawe, ogama lakho kunguSimakade Wamabandla.


Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite