Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:36 - IsiZulu 2020

36 Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kungani uzimisele kangaka ukuguqula izindlela zakho? uyakuba namahloni ngeGibithe, njengalokho waba namahloni nge-Asiriya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:36
22 Referans Kwoze  

Kuyoze kube nini uguquguquka, we ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uSimakade udale into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda .”


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi wathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba azomsiza,


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.


“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.


Kuthe lapho bekubamba ngesandla, wephuka, waklunyula amahlombe abo; nalapho bencika kuwe, waphoqoka, wazintengantengisa zonke izinkalo zabo.


Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya, ukuze sithole isinkwa, sisuthe.


Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyakusho kanje enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nizobuza kimi, nithi: ‘Uyabona-ke, impi kaFaro ephume ukuzonisiza izophenduka ibuyele ezweni lakubo eGibhithe.


Uyilungisa kanjani indlela yakho uma ufuna uthando na?


Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?


Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.


Izizwe ziyakuzwa ngehlazo lakho, ukukhala kwakho kugcwale umhlaba; ngokuba iqhawe liyakukhuba elinye, awe omabili kanyekanye.”


Wafeba nabantu base-Asiriya, ngokuba wawungeneliswa; yebo, wafeba nabo, kodwa kuze kube manje awukadeli.


“Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo; phakamisa izwi lakho eBhashani, ukhale use-Abharimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.


Umoya uyakubelusa bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziyakuthunjwa; impela uyakuba namahloni, ujabhe ngenxa yabo bonke ububi bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite