Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:3 - IsiZulu 2020

3 U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Israyeli ungcwele kuJehova, ululibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Israyeli wayengcwele kuJehova nolibo lwezithelo zakhe; bonke abasidlayo bayokhubeka; okubi kuyakubehlela, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:3
32 Referans Kwoze  

Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


“Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


“Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.


Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu bakutshele abantwana babo, nabantwana babo bakutshele esinye isizukulwane.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, ngegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho, njengokusho kwakhe.”


“Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini. “Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Yizwani izwi likaSimakade nina ndlu kaJakobe, nani nonke mindeni yendlu ka-Israyeli.


Sidlula njengesiphepho, sidlulele phambili, kodwa sona sinecala, amandla aso angunkulunkulu waso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite