Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:2 - IsiZulu 2020

2 “ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:2
39 Referans Kwoze  

Kepha Mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe, sasemihleni yobusha bakho, bese ngikumisela isivumelwano saphakade.


“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.


USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Onezindlebe makezwe.


Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.”


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


“Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.


Kepha wabandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe ayefebe ngazo eGibhithe.


Nokho akabuyekanga ubufebe bakhe ayebuqale eGibhithe, ngokuba balala naye kusukela ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathululela kuye ubufebe babo.


Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.


Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Ukuhlakanipha kuyampongoloza emigwaqweni, kuyaqandula ezigcawini.


UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


“ ‘Kepha ngihlushwa yilokhu ngawe, ukuthi usululahlile uthando lokuqala.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Hamba ukhulume lizwa lonke iJerusalema, uthi:


Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?


Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite