Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:17 - IsiZulu 2020

17 Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Awuzenzelanga lokho ngokushiya uJehova uNkulunkulu wakho lapho ekuhola endleleni na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:17
28 Referans Kwoze  

“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ngibabonile abahlwanyela inkohlakalo, nabalima inkathazo, bavuna inhlupheko.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


“USimakade wakubona lokho, wanengwa ngukuchukuluzwa ngamadodana namadodakazi akhe.


“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Ububi benu buzibalekisile lezi zinto, nezono zenu zakuvimba okuhle kini.


Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngabusitheza ubuso bami kubo.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.


Kunesijeziso esibuhlungu kulowo oshiya indlela; lowo ozonda ukusolwa uyakufa.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe, nangenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Ngubani owaphambukisa uJakobe? Akusilo yini iSamariya na? Ngubani izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Akusilo yini iJerusalema na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite