Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:16 - IsiZulu 2020

16 Abantu baseNofi nabaseThahiphanesi baluphucile ukhakhayi lwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nabantwana baseNofi naseThahipanesi baphuca ukhakhayi lwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantwana baseNofi naseThahapanesi nabo baphula ukhakhayi lwekhanda lakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:16
17 Referans Kwoze  

“Memezelani eGibhithe, nimemezele eMigidoli; yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi: ‘Sukumani, nime ngomumo, ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’


Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, eMigidoli, eThahiphanesi, eNofi, nasePhathirosi, lathi:


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


“NgoGadi wathi: ‘Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyama, udwengula ingalo nomqhele okhakhayini.


Ngiyakuthungela umlilo eGibhithe; iSini libinyabinyeke ezinhlungwini, iThebe ibhodlozwe, iMemfisi ihlaselwe emini.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.


Qoqa amasaka akho ulungele ukuthunjwa, wena ndodakazi yaseGibhithe, ngokuba iMemfisi iyakuba yincithakalo, iyakushiswa kungabe kusaba bikho ohlala kulo.


utheleke kwaJuda. Uyogcwala, ufinyelele ezinkwazini, bese amaphiko awo elulekileyo agcwalise ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”


UFaro Nekho wamvimbezela eRibhila eHamathi, ukuze angabe esabusa eJerusalema; izwe walithelisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide.


Manje wena wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibhithe, okuthi uma umuntu ezimelela ngalo, lumhlabe esandleni sakhe, lusigwaze; unjalo-ke uFaro, inkosi yaseGibhithe, kubo bonke abamethembayo.


“Ababalekileyo bayokuma emthunzini waseHeshibhoni, bekhathele, ngokuba umlilo uyakuqubuka eHeshibhoni, nelangabi eSihoni, ungqongqise ibunzi likaMowabi, nokhakhayi lwabantu abanomsindo.


Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite