Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:9 - IsiZulu 2020

9 Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi ngiyobenza badle inyama yamadodana abo nenyama yamadodakazi abo, futhi bayodla, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo eziyobashaya ngakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:9
10 Referans Kwoze  

Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,


Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.


Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu.


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe.


“Nkosi yami, nkosi, laba bantu benze okubi ngakho konke abakwenze kuJeremiya, umphrofethi, bamphonse emgodini; uzakufela lapho ngenxa yendlala, ngokuba akusekho kudla emzini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite