Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:7 - IsiZulu 2020

7 “ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakuchitha icebo lakwaJuda nelaseJerusalema kule ndawo; ngiyakubawisa ngenkemba phambi kwezitha zabo nangesandla sabafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ngiyakuzinika izinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba zibe ngukudla.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:7
32 Referans Kwoze  

Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa; abanqunyelwe inkemba, inkemba; nabendlala, indlala; nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


Uma izindlalifa ziyizo ngenxa yomthetho, ukukholwa kwenziwa ize, nesithembiso asiselutho,


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


Ngiyakubanikela esandleni salabo abafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni sezinceku zakhe. Emveni kwalokho iGibhithe kuyakuhlalwa kulo njengasezinsukwini zasemandulo,” kusho uSimakade.


ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho, nasesandleni salabo obesabayo; esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nasesandleni samaKhaledi.


Uyakungcwatshiswa okwembongolo, ahudulwe, alahlwe ngale kwamasango eJerusalema.”


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


“ ‘Ningakusho kanjani ukuthi: “ ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaSimakade ukithi na? “ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga, luloba amanga.


Abahlakaniphileyo bayohlazeka, badangale, babhajwe; balilahlile izwi likaSimakade, pho banakuhlakanipha kuni na?


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: bheka, lo muzi ngizakuwunikela esandleni samaKhaledi, nasesandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuze awudle.


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


Ngiyakuyilahla insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, iyokuba yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo,


ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite