Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:2 - IsiZulu 2020

2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uphume uye esigodini sendodana kaHinomu esisesikhaleni sesango lasempumalanga, umemezele khona amazwi engizowakhuluma kini:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:2
19 Referans Kwoze  

bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,


Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


“Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.”


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade; ‘angizukunibheka nginyukubele, ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade; ‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.


Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana ka-Imeri, ngoba yayiphambi komuzi wakhe. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShemaya, indodana kaShekhaniya, umlindi wesango iMpumalanga.


“Suka wehlele endlini yombumbi, ngizokuzwisa lapho amazwi ami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite