Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 18:7 - IsiZulu 2020

7 Ngesinye isikhathi ngiyakukhuluma ngesizwe nangombuso ukuthi ngizowusiphula, ngiwudilize, ngiwubhubhise,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kungasiphi isikhathi engiyokhuluma ngaso ngesizwe nangombuso ukuba ngiwusiphule futhi ngiwubhidlize futhi ngiwubhubhise;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 18:7
13 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakujuba namuhla phezu kwezizwe nemibuso, ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”


“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.


UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”


Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.


wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi:


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini.


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese yena ephenduka esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,


Iyakuthi ingavela nje, umbuso wayo ufohlozwe, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba:


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; nami ngiyakuguquka ngingabehliseli inhlekelele ebengizobehlisela yona, ngenxa yobubi bezenzo zabo.


UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite