Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 18:17 - IsiZulu 2020

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 18:17
16 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni, bathi: ‘Wena wangizala.’ Bangifulathele, abangibheki, kepha kuyothi ngesikhathi senhlekelele, bathi: ‘Vuka, usisindise.’


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


Ngomoya wasempumalanga, waphula imikhumbi yaseTharishishi.


Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe.


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Ngiyakubufulathelisa ubuso bami kubo, bayingcolise indawo eyigugu lami; kuyakungena kuyo abaphangi, bayingcolise.


Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wakuphahlaza phakathi kolwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite