Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:7 - IsiZulu 2020

7 “Ubusisiwe umuntu othembela kuSimakade, nothemba lakhe linguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:7
16 Referans Kwoze  

Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.


Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Ngalokho uSimakade ulindele ukuba abe nomusa kini; ngalokho uyakuphakama abe nesihawu kini, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wobulungiswa; babusisiwe bonke abamlindelayo.


Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade.


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite