Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:19 - IsiZulu 2020

19 Usho kanje kimi uSimakade, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, okungena kuphume kulo amakhosi akwaJuda, nasemasangweni wonke eJerusalema,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wathi kimi uJehova: “Hamba, ume esangweni labantwana babantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo, nasemasangweni onke aseJerusalema;

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:19
11 Referans Kwoze  

“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


“Yima esangweni lendlu kaSimakade, umemezele lapho leli lizwi, uthi: “ ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango nizokhuleka kuSimakade.


“Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.”


UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.


Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu, esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe.


Kuthume izintombi zakho, kuyamemeza emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:


Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na?


Mabajabhiswe abangizingelayo, kodwa mina mangingadunyazwa; behlisele ngosuku lwenhlekelele, ubabhubhise ngokubhubha okuphindiweyo.


uthi kuwo: ‘Yizwani izwi likaSimakade, nina makhosi akwaJuda, nani nonke baJuda, nezakhamuzi zonke zaseJerusalema eningena ngalawa masango.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite