Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; Wena uyakwazi engakushoyo, ngiphambi kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Mina-ke, angijahanga ukuba ngumalusi ukuba ngikulandele; uyazi: okwadlula izindebe zami kwakuphambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:16
21 Referans Kwoze  

Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.


Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.


Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


Bayamzonda okhuzayo esangweni; bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa.


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite