Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:7 - IsiZulu 2020

7 akuyukuba khona obahlephulela isinkwa sokulila ukuba abaduduze ngabafileyo, abayukuphuziswa endebeni yokududuza ngoyise nangonina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Akayikudabula umuntu ekulileni kwakhe ukuba aduduze ngabafileyo; futhi akekho ongabanika indebe yenduduzo ukuba bayiphuze ngenxa kayise noma ngonina.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:7
8 Referans Kwoze  

Abayukumthungela uSimakade iwayini, nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye, isinkwa sabo siyakuba njengesinkwa sokulila kubo, kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona. Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo, asiyukungena endlini kaSimakade.


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite