UJeremiya 16:6 - IsiZulu 20206 “Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo, Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE6 Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo; Gade chapit laContemporary Zulu Bible 20246 Abakhulu nabancane bayakufa kuleli zwe; abayikungcwatshwa, futhi abayikuzikhalela, abayikuzisika, bangazenze nqunu ngabo. Gade chapit la |
Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.