Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:4 - IsiZulu 2020

4 “Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:4
33 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku ababuleweyo bakaSimakade bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayukukhalelwa, abayukubuthwa, abayukungcwatshwa, bayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba emhlabathini.


Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ”


“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.


Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.


“ ‘Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, uthi: akuyukuba namuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakutshingwa ngaphandle ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila.


Izinja ziyakumudla uJezebheli esifundeni eJizreyeli. Akukho muntu oyakummbela.’ ” Yayisivula umnyango, yabaleka.


Ngiyakuyishabalalisa insali yakwaJuda, eqoke ukuya eGibhithe ukuyogogobala khona, bonke bayofela eGibhithe, babulawe yinkemba nendlala; kanjalo abancane nabadala, bayobulawa yinkemba nendlala, babe yisithuko, into esabekayo, isiqalekiso nehlazo.


Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa.


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Bangcono abafe ngenkemba kunalabo ababulewe yindlala, babhuqwabhuqwa yinkemane, ngenxa yokweswela ukudla okuvela emasimini.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.


Ngiyakushaya abakhe kulo muzi, abantu nezilwane; bayobulawa yisifo esikhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite