Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:13 - IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:13
21 Referans Kwoze  

“USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.


Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka; kungani unjengomfokazi ezweni, nanjengesihambi esingenise ukufihla ikhanda busuku bunye na?


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”


Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Ngiyakukutshinga kwelinye izwe, wena nonyoko, izwe lapho ningazalelwanga khona; nifele lapho.


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite