Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:9 - IsiZulu 2020

9 Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Owazala abayisikhombisa usedangele, waphuma umoya; ilanga lakhe lishonile kuse semini; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Owazala abayisikhombisa uyabuna; waphela umoya; ilanga lakhe lashona kusesemini; wema enamahloni, wema enamahloni; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni phambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:9
14 Referans Kwoze  

Abebesuthi sebeyaziqashisa ukuze bathole ukudla; abebelambile sebeyekile ukulamba. Yebo, obeyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyancunzeka.


Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.


Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.


“ ‘Bheka, ngiyakuqikelela ukuba kwenzeke okubi, hhayi okuhle; bonke abantu bakwaJuda abaseGibhithe bayakufela lapho, beqedwa yinkemba nayindlala, baze bafe baphele nya.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


“Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, masihlasele emini. Maye, kithi! Ngokuba ilanga seliyashona, namathunzi okuhlwa aselulekile.


Akuyimi yini abamcunulayo, kusho uSimakade na? Akusibo yini uqobo, abaze bazithela ngehlazo na?


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


kodwa unyoko owakuzalayo uyakujabha kakhulu, ayangaze. Bheka, uyakuba yisizwe sokugcina, ihlane, umhlabathi owomileyo, nogwadule.


“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite