Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:7 - IsiZulu 2020

7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabephuca izingane, ngabhubhisa abantu bami, kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabaphuca abantwana, ngachitha abantu bami; ababuyanga ezindleleni zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakuwela ngesiphephelo emasangweni ezwe; Ngiyakubaphanga abantwana babo, ngibhubhise abantu bami, ngokuba abaphendukanga ezindleleni zabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:7
21 Referans Kwoze  

Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Ngiyothumela abafokazi eBhabhele, abayolihlunga, balithulule, balenze incithakalo izwe lalo; ngokuba ngosuku lwenhlekelele bayolithelekela nxazonke.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Uyowahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; uyothokoza ngoSimakade, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Abantu ababuyelanga kulowo obashayayo, abamfunanga uSimakade Wamabandla.


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.


“Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade.


“Wena ndodana yomuntu, angithi ngalolo lusuku engiyosusa ngalo inqaba yabo, intokozo yobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, okulangazelelwa ngumphefumulo wabo, amadodana abo namadodakazi abo,


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.


Ngiyakukwenza abantu bami u-Israyeli ukuba bachachaze phezu kwenu, bayakunithatha nibe yifa labo; awusayukuphinde ubaphuce abantwana.


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite