Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:5 - IsiZulu 2020

5 “Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngokuba ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngoba ngubani ozakuba lesihawu kuwe, Jerusalema? noma ngubani oyakulila? noma ngubani oyophuma ukubuza ukuthi unjani?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:5
15 Referans Kwoze  

Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?


Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi: “INineve isiyincithakalo, ngubani oyakulizwela na? Ngiyakubafunaphi abaduduzi bakho na?”


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.”


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


UDavide wathumela izinsizwa ezilishumi, wathi kuzo: “Khuphukelani eKharmeli, niye kuNabali, nifike ningikhonzele kuye,


UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo.


Bayokubingelela, bakunike izinkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.


Baphambukela lapho, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMikha, bayibuza impilo.


UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.


IZiyoni lelula izandla zalo, akukho noliduduzayo. USimakade uyalile ngoJakobe ukuthi labo abamzungezile bayoba yizitha zakhe. IJerusalema seliphenduke isinengiso phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite