Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:3 - IsiZulu 2020

3 “Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:3
21 Referans Kwoze  

Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa.


Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


Ayoshiywa ndawonye, abe ngawamanqe asezintabeni, nawezilwane zasemhlabeni. Amanqe ayohlala kuwo ehlobo, ebusika kuhlale kuwo zonke izilwane zomhlaba.


ukuze ugeze izinyawo zakho egazini, nezilimi zezinja zakho zibe nesabelo ezitheni.”


Ngabe ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi na? Ngabe amanqe alihaqe nxazonke na? Hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu.


“Uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngifunga ngiyagomela ngithi, labo abasezindaweni ezichithakele impela bayokufa ngenkemba, osendle ngiyakumnikela ezilwaneni ukuba zimudle, nabasezinqabeni nasemigedeni bayobulawa wubhubhane.


Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi, ahlangane nebhele, athi uya endlini ancike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite