Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:18 - IsiZulu 2020

18 Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kungani ubuhlungu bami buhlala njalo, nenxeba lami lingelapheki, lenqaba ukuphulukiswa, na? uzakuba njengomqambimanga ngokupheleleyo nanjengamanzi axakileyo kimi?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:18
15 Referans Kwoze  

Ukhalelani ngenxeba lakho nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na? Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nobuningi bezono zakho.


Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’


Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.


Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na?


Ngakho-ke iMoreshethi Gathi uyakulipha izipho zokuvalelisa. Izindlu e-Akhizibi ziyakuba yinkohliso emakhosini akwa-Israyeli.


Njengamanzi anyamalele olwandle, nomfula oshile waze woma,


Ngaphumelani esibelethweni ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi, nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite