Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:10 - IsiZulu 2020

10 Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Maye kimi, mama, ngoba ungizalele umuntu wokuxabana nomuntu wokuxabana emhlabeni wonke! Angitshelekanga ngenzalo, nabantu abangibolekanga ngenzalo; nokho bayangithuka bonke.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:10
32 Referans Kwoze  

Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


“Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.


Mabaqalekise, kodwa Wena ubusise, lapho bevuka, mabathelwe ngehlazo, kodwa inceku yakho ithokoze.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kusekhona umuntu oyedwa esingabuza kuSimakade ngaye kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kodwa okubi; nguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi: “Inkosi mayingakusho lokho.”


U-Ahabi wayesethi ku-Eliya: “Ungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngenxa yokuba nguwena ozithengisile, wenza okubi emehlweni kaSimakade.


Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


Awuyukumboleka imali ukuze uthole inzalo, awuyukumnika ukudla kwakho bese umfuna inzuzo.


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite