Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:1
32 Referans Kwoze  

Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


USimakade wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba babe nokuhle.


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.


Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


ngakho-ke ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle kude nobukhona bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nokhokho benu,


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.


Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.


Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba, indodana kaRekhabhi, akayukuswela muntu oyokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”


Inhliziyo yami ikubaholi bakwa-Israyeli abazinikele phakathi kwabantu. Dumisani uSimakade!


U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade.


UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo, emi phambi kwengelosi.


Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.”


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungangeni endlini okulilwa kuyo, ungayi ukuyolila, ungabakhombisi uzwelo, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, kanye nomusa, nobubele bami,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Le ndoda, uKhoniya, iyibhodwe elidelelwayo, noma isitsha esingafunwa muntu. Kungani ukuba yena nozalo lwakhe belahliwe, balahlelwa ezweni abangalaziyo na?


“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite