Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:3 - IsiZulu 2020

3 Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, abafumananga manzi; babuya nezimbiza zabo zingenalutho; baba namahloni, bajabha, bamboza amakhanda abo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:3
23 Referans Kwoze  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani ukuthula nami, niphumele ngaphandle kimi, nidle, yilowo nalowo emvinini wakhe, yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo uqothule amadlelo asendle.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Abalimi banamahloni, bamboze amakhanda abo, ngenxa yomhlabathi ogcwele izimfa, ngokuba akufikanga mvula ezweni.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


Zadumala, ngoba zazinokuzethemba, lapho sezifike khona zadangala,


UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.


Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.


Inkosi yamboza ubuso, yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hawu, ngendodana yami, u-Absalomu, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


Nalapho uyophuma uthwele imikhono ekhanda, ngokuba uSimakade ubalahlile labo owethembele kubo; abayukukuphumelelisa.”


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.


Abangayukukhuphuka emindenini yomhlaba baye eJerusalema ukuyokhuleka eNkosini uSimakade Wamabandla, abayukuba namvula.


“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite